Ukulungisa umgwaqo kuqede Isinengiso semigodi

Ithimba labasebenzi abakhayo liqedela umsebenzi eMlotshwa Road eSaul Mkhizeville, eMpumalanga, okuyingxenye yomsebenzi wokuvuselela weKangra

Umgwaqo omqoka oxhumanisa izakhamuzi nezikole nezindawo zezempilo eSaul Mkhizeville, eMpumalan- ga, usulungisiwe, ngenxa yomsebenzi weKangra. Lo msebenzi udluliselwe kuMasipala weNdawo waseMk- hondo NgoFebruary, okuyingxenye yoHlelo lwezeNhla- lo nezoMsebenzi lweKangra. Kulo msebenzi bekuvalwa imigodi emgwaqweni ongamakhilomitha angu-18 oh- langanisa lo mgwaqo no-N2.

Isikhulu sikamasipala esiqondene namabhizini- si uMthandeni Mkhabela siwuncomile lo msebenzi. “Sivumelene neKangra ukuthi lo mgwaqo ngeminye yemigwaqo emqoka ehlanganisa amawodi ahlukene kuMasipala waseMkhondo. Uyingxenye yengqalasizin- da elekelela umnotho wethu ukuthi ukhule,” kusho uM- khabela.

UMlotshwa Road umqoka kwizakhamuzi eziya emse- benzini, esikoleni nasezindaweni zezempilo njengePiet Retief Hospital, eqhele cishe ngamakhilomitha angu- 55 eSaul Mkhizeville. Lo mgwaqo futhi usetshenziswa ngamabhizinisi athutha izimpahla ezisa ezindaweni ezi- hlukene. Nokho isimo somgwaqo besesisibi ngokuqhu- beka kweminyaka, obekuyingozi kubantu abawuseben- zisayo.

UMkhabela uthe ukulungisa umgwaqo bekumqo- ka ngoba kuqinisekisa ukuhamba kwezimpahla ngaphandle kwezihibe futhi kunciphise umon- akalo. I-Kangra yabona Isidingo sokwenza lo mse- benzi ngokubonisana nezinye izinhlaka, okubalwa kuzona umphakathi namabhizinisi endawo, ngoku- hambisana noHlelo lweNtuthuko oludidiyele, oku- wuhlelo olwavunywa wumkhandlu kamasipala.

IMenenja-Jikelele yeKangra uPaul Redeling- huys uthe ukufezeka kwemisebenzi ngokoHlelo lwezeNhlalo nezoMsebenzi kubalulekile ukuze umsebenzi wemayini ubewusizo emphakathini. Inhloso bekungukuqinisekisa ukuthi uhlala usesi- mweni esifanele isikhathi eside. “Saqala ngomse- benzi wokuthela itiyela emgwaqweni ukunqanda ukuthi uqhubeke nokudabuka eminyakeni emibili kuyakwemithathu ezayo,” kuphawula yena. Imigqa nezimpawu zokuma okuphuphile kupendwe ka- busha, kwenza ukuthi kubonakale ukuze kubeno- kuphepha. U-Redelinghuys uphinde wabonga ab- alimi bendawo, ababambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi lo msebenzi uyimpumelelo.

ibhuku, ezomphakathiMenar