Sikwenza ngenxa yothando

Ukapteni weProto, uSandile Masuku

UKapteni weProto yaseKangra uSandile Masuku wafika eminyakeni engaphezu kweyishumi edlule, eqhutshwa wuthando lokusiza abanye abantu. I-Proto yithimba elikhethekile eliqeqeshwa yi- Mine Rescue Services South Africa (MRS) ukwenza umsebenzi wokuhlenga nokufuna abantu ngaphansi komhlaba. Amathimba eProto kuzo zonke izimayini zaseNingizimu Afrika, njengeKangra, ayabizwa ukuthi azolekelela uma kudilika umhlaba noma kubanokuqhuma ngaphansi komhlaba. “Sikwenza ngenxa yothando. Yingakho sithi Voluntate servio, okusho ukuthi sivolontiya ngothando,” kusho uSandile.

Ngo-2023, uSandile waklonyeliswa ngesitifiketi seminyaka eyishumi seProto, into aziqhenyayo ngayo. Nakuba uSandile engakaze azithole kufanele ayokwenza umsebenzi wokuhlenga abantu ngaphansi komhlaba kuyo yonke le minyaka, ukholwa wukuthi kumqoka ukuhlala umi ngomumo. “Uma kubanengozi noma uma kukhona into eqhumayo, wonke umuntu ubaleka aphume kodwa thina sigijima singene, ngoba sifuna ukusiza abantu abaxakekile,” kusho yena.

Amalungu eProto avama ukuqeqeshwa ukuqinisekisa ukuthi ahlale elungile. Ithimba elivamile lweProto kufanele libenabantu abayisithupha, okukhona kubona ababili abanamathikithi okuqhumisa. Isizathu wukuthi uma kulimala ilungu elilodwa lethimba ngesikhathi liyohlenga, kudingeka okungenani abantu abane ukuthwala uhlaka.

USandile, oyimfolomane yokukhanda imishini, wangena emkhakheni wezimayini eminyakeni engu-18 edlule ngemva kokusebenza embonini yephepha. Waqala phansi, wagcina eseyimfolomane yezokukhanda ngo-2019. USandile ufisa ukuthola isitifiketi sokwenza umsebenzi sikahulumeni ngelinye ilanga.