I-Kangra ibhebhezela ukukhula

Umsebenzi e-Udumo shaft yaseKangra, lapho kwakhiwa isigaba esisha khona

I-Kangra ithatha igxathu elikhulu eli- ya phambili ngokwakha isigaba esisha e-Udumo Shaft. Le mayini itshala imali el- inganiselwa kuR240 million kulo mseben- zi ukuthenga izimpahla, okubalwa kuzo- na ugandaganda omusha ceke, ithimba lezimoto, ugandaganda wokwenza uphah- la namanye amathuluzi. IMenenja yezoBun- jiniyela eKangra uMpumelelo Saliwa ithi lo msebenzi uzodala imisebenzi futhi wan- dise umkhiqizo. “Le ndawo entsha iyajabu- lisa. Ithinta indaba yokukhula namathuba omsebenzi,” kusho uMpumelelo.

Lo msebenzi omusha uzokwandisa isiba- lo sezindawo zokusebenza emayini zisu- ka kwezintathu ziye kwezine. Isikali som- khiqizo wenyanga ezindaweni zontathu zingamathani amalahle angu-110,000. Uma sekukhona indawo entsha umkhiqizo wenyanga uzonyukela kumathani amalah- le angu-140,000. Lesigaba sizombiwa ngendlela yamabhodi nezinsika. UMpu- melelo ulindele ukuthi ukumba kuzoqala Ngo-August wango-2025.

Lo msebenzi uzodala imisebenzi emisha elinganiselwa kwengu-38 yobunjiniyela neyokumba. Amanye amathuba omseben- zi azodaleka njengoba imayini izodinga abanye ogandaganda namaloli amalah- le, phakathi kweminye imisebenzi. “Uma uqala wandisa ukukhiqiza, ziyanda nezinye izindawo,” kusho uMpumelelo. Wengeze ngokuthi iKangra iqale ngomkhankaso wokuqasha ngesikhathi kusaqhubeka uku- thengwa kwemishini emisha.

Uma sekukhona abanye abantu ethimbe- ni, sihlela ukubahlanganisa nabaseben- zi abakhona ukuze bezojwayela izindlela zokusebenza esayithini. “Okuhle kakhulu wukuthi sidlondlobala ngesikhathi imboni yamalahle ithwele kanzima emhlabeni ngokokonga imvelo. Ngikholwa wukuthi amalahle awayi ndawo ngokubawumthom- bo wamandla kagesi,” kuphetha yena.