Ubuchwepheshe beseka umsebenzi wokuphepha
Ababhekene nezokuphepha ekangra, uThabani Buthelezi noThuli Mokwena
Ukusebenzisa izinto zobuchwepheshe ukugcina nokulandela amarekhodi ezempilo nezokuphepha kwenza ithimba laseKangra lihlale lenza umsebenzi ngendlela. Imayini isineminyaka emine isebenzisa iMango, ubuchwepheshe bokubheka izinga lempilo, ukuphepha nokonga imvelo. Kusukela lapho abantu ababhekene nezokuphepha uThuli Mokwena noThabani Buthelezi bathi ukuhlola izinto, ukubika nokulandela izinto sekulula kakhulu.
UThuli, obheke ezokuphepha ngaphezulu emayini, uthi makhulu amathuba okuthi abantu bathobele imithetho yezempilo nezokuphepha uma kunendlela yokusebenza ekhona. Le ndlela iqopha izingozi zingakenzeki ezidinga ukusukunyelwa bese ilokhu ikhumbuza abantu ngezinto okufanele zenziwe futhi yenze ithimba likwazi ukubheka osekwenzekile.
“Njengomuntu obheke ezokuphepha, uma ngithola kukhona okungahambisani nenqubo, ngiqinisekisa ukuthi siyama, sikulungise ngokushesha, ngoba ngeke ngivumele izimo ezingaphansi kwezinga,” kusho uThuli.
Kuqala ukuqopha imininingwane uma kuhlolwa kwakwenziwa ngesandla, okwakwenza ukuthi ukulandelela ngemva kwezinyanga ezingu-25 kudle isikhathi futhi kungasizi. Manje ithimba selikwazi ukuhlanganisa imibiko yesonto kalula bese ibona umsebenzi odinga ukwenziwa.
UThabani, obhekene nezokuphepha ezindaweni ezingaphansi, uthi le ndlela isiza ukuthi kuhanjiswane nomthetho. “Ilekelela ngomphumela ngoba uma sesibone inkinga edinga ukulungiswa, wonke umuntu othintekayo ukhunjuzwa umsebenzi wakhe ukuze awusukumele ngokushesha,” kusho yena.