Uhlelolwamathwasa luvulela u-Ayanda iminyango

Umabhalane owemukela izimpahla, u-Ayanda Ndaba

Ukusuka ekubeni yithwasa lomsebenzi uyobangumabhalane owemukela izimpahla eKangra kumfundise izinto ezinkulu u-Ayanda Ndaba. Wafika eKangra ngo-2022 ngohlelo lokuthwasela umsebenzi lwemayini. Lolu hlelo lokuthwasela umsebenzi wuhlelo lokuqeqesha abantu abasha basemiphakathini imayini esebenza kuyona ngamakhono ehlukene emkhakheni wezimayini. Eminyakeni edlule sekuhlomule intsha ebalelelwa kwengu- 100 kulona.

U-Ayanda wezwa ngaleli thuba esithangamini somphakathi eDonkerhoek. Wafaka isicelo ngoba wayekade enze izibalo nesayensi, okungezinye zezinto ezazidingeka. Wabamba iqhaza ohlelweni lokuthwasela umsebenzi ngemva kokuphothula umatikuletsheni eMethula High School eSabelweni e-Amsterdam. Ukusebenza kwakhe emayini kwatshala uthando lomsebenzi wokuthenga izimpahla. “Leli thuba seliyishintshile impilo yami, njengoba bengingeyena umuntu onothando lwezimayini. Ngangifuna ukubawuthisha kodwa manje sengiyakuthanda ukubangumabhalane owemukela izimpahla,” kusho u-Ayanda.

Ngesikhathi eqeqeshwa, u-Ayanda wayelekelela ngokwemukela nokukhipha izimpahla emnyangweni othenga izimpahla. U-Ayanda wagcina eqashwe ngokugcwele ukuthi abewumsebenzi ojwayelekile ngoAugust wango-2023, lapho ayenza umsebenzi wokubangumabhalane owemukela izimpahla. Umsebenzi kamabhalane wukubhala isitoko nokwengamela amarekhodi ezimpahla. “Ngifuna ukwenza i-Diploma in Supply Chain Management, mhlawumbe ngigcine sengiwumthengi,” kusho yena.

ibhukuMenar