I-Ambulensi iphuthimisa isikhathi sokusabela

UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo eMpumalanga uSasekani Manzini nemenenja- jikelele yaseKangra uPaul Redelinghuys bethula i-ambulensi emcimbini wokuyinikela eDriefontein Community Health Centre

Ukweseka umsebenzi wokuhlenga izimpilo, iKangra inikele nge-ambulensi eMnyangweni weZempilo waseMpumalanga. Le mayini itshale uR1.2 million eku- thengeni nasekushintsheni iVolkswagen Crafter ngok- wemigomo yomnyango. Ukuthenga nokufaka izinto ezidingekayo kwemoto kuhambisana nokuzibopheze- la kweKangra ukulandela uHlelo lweNhlalo noloMse- benzi. I-ambulensi yethulwe emcimbini wokuyinikela eDriefontein Community Health Centre ngoJanuary wango-2025.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo eMpuma- langa uSasekani Manzini ulutusile lolu bambiswano phakathi kukahulumeni neKangra. “Le ambulensi eni- keliwe izobawusizo kakhulu emphakathini waseM- khondo, ikakhulukazi eDriefontein, ngenxa yokuthi izonciphisa isikhathi sokuphuthumisa abagulayo nabalimele,” kusho uSasekani. I-Driefontein iqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-50 ePiet Retief Hospital. Usihlalo wesigcawu saseDriefontein uThem- ba Nkosi uthe i-ambulensi iwumsebenzi omkhulu wokunikela ozofukula umphakathi.

IMeya kaMasipala waseMkhondo uNgelosi Ndhlovu ithe ijabule ngokuzohlonyulwa yizakhamuzi. “Le am- bulensi izofinyelela ezindaweni ezisemajukujukwini nezingalutholi usizo, ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uthola usizo lwezempilo oluphuthumayo.” IKhansela leWodi uNosipho Sangweni lithe ukusheshe kuhanjiswe usizo lwezempilo kuzokwenza kwande amathuba okuthi abantu basheshe balulame futhi basinde.

Isidingo senye i-ambulensi sabonakala ngemva kwezingxoxo ezibanzi nabantu abamele imiphakathi ehlukene noMasipala weNdawo waseMkhondo. “Inkampani ibona iqhaza layo lokweseka umphakathi njengesibopho esiphelele sokuletha intuthuko nok- uphucula izinga lezimpilo zabantu ngale komsebenzi wayo wokumba amalahle,” kusho iMenenja-Jikelele uPaul Redelinghuys.