Owezokuphepha ulwela indawo yokusebenza engenangozi

U-Andries Kubheka, obheke ezempilo nezokuphepha ngokugcwele

U-Andries Kubheka ukholwa wukuthi ayikho ingozi okungafanele ibonwe yiso elibukhali lethimba lezokuphepha lasemayini. U-Andries, onamava eminyaka engu-25, useke wabona ukuthi ukuhlolisisa nokuqaphela kungazigwema kanjani izingozi emsebenzini. “Kufanele uhlale unomqondo wokusebenza ngokuphepha futhi ukwazi ukubona ingozi esigabeni, ngisho kungathiwa yincane kangakanani,” kusho u-Andries.

Njengoba ebheke ezempilo nezokuphepha ngokugcwele emayini, u-Andries wengamele wonke umsebenzi wokuhlola nowokusebenza nabantu abaqondene nezokuphepha eKangra. U-Andries ubalula ukuthi zonke izikhathi zokusebenza kufanele ziqale ngokuhlola kabanzi ukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi ngaphambi kokuthi bangene endaweni yokusebenza. U-Andries, ogabe ngamava omsebenzi angaphezu kweminyaka engu-20, ubonile ukushintsha kwamazinga ezokuphepha ezimayini. Imithetho isiqinile, kanti ukufaka amabhawodi ophahleni sekuphuculiwe manje ukuqinisekisa ukuphepha kwendawo yabasebenza emgodini.

U-Andries, owazalelwa futhi wakhulela KwaNgema, eMpumalanga, unezitifiketi ze-roof bolting, i-shuttle car operating ne-continuous miner operations. Une-Comsoc 1 Certificate, okuyisitifiketi esiyisisekelo sokufundisa abantu imigomo eyisisekelo yokuphatha ezokuphepha ezimayini. U-Andries ukubheke ngamehlo abomvu ukwenza i-Comsoc 2 Certificate.