Imfolomane yezokuthutha iwubambe kahle umsebenzi

Imfolomane yezokuthutha enkulu uLee Ellis

U-Lee Ellis uyadlondlobala emkhakheni osheshayo nobanzi wezokuthutha. Umsebenzi kaLee, iMfolomane Yezokuthutha Enkulu eKangra, ufaka ukubheka ukunakekela imigwaqo, ukulahla udoti nokuthutha amalahle. “Nakuba wenza umsebenzi ogcina ufana kodwa kukhona into entsha mihla yonke. Ezokuthutha zinezinselelo eziningi ezikwenza uhlale umatasa,” kusho uLee.

Ngaphambi kokungena kwezokuthutha, uLee wayewumsizi kamakhenikha kadizili, umsizi wenduna yezikhathi zokungena nenduna yezikhathi zokusebenza. U-Lee usenezinyanga ezilinganiselwa kweziyisithupha esebenza eKangra kanti ufundela iziqu kwezokuthutha e-UNISA. Wethemba ukuthi iziqu zakhe uzoziqeda ngonyaka ozayo.