Owendawo usuke emisebenzini emihlanu waya kwengu-64
UNtombifuthi Nkosi, umqondisi weMumnkosi Cleaning and Projects
Into ekhuthaza uNtombifuthi Nkosi ebhizinisini yintshiseke- lo ayizwa ngaphakathi yokudala amathuba omsebenzi abantu bendawo. UNtombifuthi, umsunguli weMumNkosi Cleaning and Projects, ngomunye wosomabhizinisi bendawo abasebenzisana neKangra. Inkampani yakhe yokuhlanza wayiqala ngabasebenzi abahlanu eminyakeni engu-14 kanti manje sebengu-64. Nok- ho uthando lwakhe lwebhizinisi lwaqala kudala eseyintomba- zane yesikole ekhula elokishini iDriefontein, eliqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka emayini.
“Ibhizinisi yinto engayincela ekhaya, njengoba umkhulu wayezisebenza impilo yakhe yonke. Ngangijwayele ukumsiza esitolo njalo ngemva kokuphuma kwesikole,” kusho uNtombifuthi. Namuhla unethimba Labantu abangu-32, elenza umsebenzi wokuhlanza negceke eKangra, kanti elinye likwenye inkampani ayenzela um- sebenzi. “Bonke abantu engibaqashayo ngabendawo, okusho lukhulu kimina,” kusho yena.
Inkampani yenza nomsebenzi wokuwasha eKangra, iwasha izin- gubo zokuzivikela, ezinjengama-ovaloli. Ubudlelwano bakhe neKangra baqala ngo-2019, ngenkathi imayini imcela ukuthi angene ohlelweni lwayo lokuthuthukisa osomabhizinisi abancane. Ngaleso sikhathi uNtombifuthi wayenesitolo esincane eDonker- hoek. Yamqala ngesivumelwano sokupheka, kwathi ngokuqhu- beka kwesikhathi yamsiza ukuqala ibhizinisi lokunakekela igce- ke. Ngokuqhubeka kwesikhathi, ngosizo lwemayini, wakhulisa ibhizinisi ngokwengeza umsebenzi wokuhlanza nowokuwasha “Manje nginemishini yami nezinto zami zokuhlanza. Ngizimele ngokuphelele,” kuphawula yena.
UNtombifuthi unesitolo esidayisa izinto zokuhlanza esisePiet Retief futhi unebhizinisi lokufuya. Unemisebenzi ayenza em- phakathini njengokuhlanza igceke esikoleni sendawo, uxhasa iqembu le-netball emphakathini futhi ulekelela isonto lendawo ukwakha. Isifiso sakhe ngelinye ilanga ukudayisela izinkampani ezinkulu izinto zokuhlanza nokubanebhizinisi eliyilondolo elikhulu lakhe.