Indawo Ephephile: Ikhwela lokuthatha izinqumo eziphephile

IMenenja yezeMpilo nezokuPhepha eMenar Group uRicardo van Rooi

Unyaka odlule siwuphethe kahle, saqopha irekhodi lokuthi kungafi noyedwa umuntu eminyakeni engu-11, safinyelela emgomweni weKangra wokuthi kungabibikho noyedwa umuntu ongekho emsebenzini ngenxa yokulimala. Indikimba ethi ‘Zero by Choice’,okusho ukuthi noyedwa ngokuzikhethela,ibeneqhaza elikhulu,yasikhumbuza ukwenza izinqumo zansuku zonke ezenza indawo yokusebenza ephephile.

Nanamuhla sisawubona umphumela wayo, okusikhuthaza ukuthi siqhubeke nokwenza izinqumo eziphephile. Ngeke sisho ukuthi sesiphumelele ngokokuphepha. Yinto okufanele siyikhethe nsuku zonke ngoba imindeni yethu ilindele ukuthi sibuye siphephile.

Ngesikhathi salo mkhankaso, besibambane ngezandla, umkhankaso osho ukuvikela impilo uqobo nokukhuthaza ukuthi kungabinangozi emsebenzi wethu. ISikhulu eSiphezulu Semisebenzi uJohn Scobbie sidlulise kubasebenzi ukuthi ukuphepha wumsebenzi wawo wonke umuntu, sakhuthaza abasebenzi ukuthi bame bacele usizo uma bengenasiqiniseko.

Kulo nyaka sihlose ukuqinisa izinhlaka zabantu besifazane i-Women in Mining Committee, senzele abantu besifazane izingubo zokuphepha emsebenzini bese sifaka amagumbi okuncelisa kuzo zonke izindawo zethu bese sibhukula ukukhuthaza ukuthi kubenendawo yokusebenza ephephile ngemikhankaso yokuhlolela izidakamizwa ehlukene, kweminye imizamo. Sikhuthazwa wukungena ku-2025 nombono omusha wokugqugquzela impilo nokuphepha emsebenzini.