UMatsie uphokophele ukusebenza kwezokuphepha

Umphathihhovisi, uMatsie Ramathoka

Umphathihhovisi uMatsie Ramathoka into eyam- holela ezimayini yithuba lokubawunjiniyela kod- wa akuhambanga njengokufisa kwakhe. UMatsie wathola i-Bachelor’s Degree in Administration yase-University of Limpopo ngemva kokwenza umatikuletsheni eHoerskool Merensky ngo-2010.

Ngemva kokuthweswa iziqu, waya kokubayithwa- sa eMnyangweni weMfundo eyiSisekelo emnyan- gweni wezokuphepha ezikoleni, lapho asebenza khona iminyaka emithathu. UMatsie wathola umse- benzi enkampanini eyayinakekela isakhiwo som- nyango. “Sasiyithimba labayisithupha, liphethe abantu abangaphezu kuka-800 kanti yimina en- gangingumdidiyeli,” kusho uMatsie. Wasebenza khona iminyaka emibili ngaphambi kokudilizwa.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa wathola umse- benzi enkampanini yamalahle, lapho ayeyimenen- ja yasehhovisi khona. Ukholwa wukuthi ukubam- ba ekuhwebeni ngamalahle kwamulungiselela ukusebenza ezimayini. “Uhwebo lwamalahle lwangibonisa ukuthi kunjani ezimayini. Ngafunda kakhulu ngezinto ezifana nezinhlobo zemikhiqizo ekhona ezimayini,” kusho yena. NgoOctober wan- go-2022 waqala ukusebenza eKangra.

Emsebenzini awenza emayini kukhona, phakathi kokunye, ukubheka izinhlelo zethimba lezimenen- ja, ukuhlela imihlangano nokwemukela izivakashi. UMatsie uyilungu leWomen in Mining Committee yaseKangra. Uyaziqhenya ngomsebenzi awen- zayo kanti ufisa ukubheka amanye amathuba, ikakhulukazi kwezokuphepha. “Kimina, ezokuphe- pha zithinta yonke into eyenzeka emayini ngoba ngaphambi kokuthi sikhiqize noma yini kufanele simbe ngokuphepha,” kuphetha uMatsie.