Umtholampilo usezandleniezifanele

Umhlengikazi, uTendani Maphiri

UTendani Maphiri ulwazi kahle usizi lwentokazi encane ephokophele ukuphumelela ngaphezu kwezinselelo zayo. Manje ushayela phezulu njengoba ewumhlengikazi ophethe umtholampilo waseKangra. UTendani, ohola ithimba labantu abane, okubalwa kulona ingcweti nabantu ababili abasebenza kwiambulensi, uphethe umthol- ampilo wemayini, uvama ukuxilonga abasebenzi futhi wengamele izinhlelo zezempilo zabasebenzi. Umtholampilo uhlinzeka ngosizongqangi lwezempilo nohlelo i-Employee Assistance Programme (i-EAP), eyenziwa ngumeluleki ofika njalo ngoLwezine ukuzolekelela abasebenzi abaludingayo.

UTendani ubamba iqhaza emikhankasweni yokufundisa ngempilo yengqondo, isandulelangculazi nezinye izifo. Uhlose ukwandisa abasebenzi abangumqemane, aben- za ukuthi kubenokuphepha emsebenzini. “Ukuze ukwazi ukusebenza, kudingeka ukuthi uphile impilo ekahle futhi uqinisekise ukuthi unaka zonke izinto ezithinta impilo yakho, okubalwa nesimo senqondo” kusho yena.

UTendani waphasa umatikuletsheni ngo-2009, wabhalisela i-Media Studies e-University of Venda. Ngemva kwezinyanga ezimbili washintshela ezifundweni zobuhlengikazi ngenxa yokungabinamandla okukhokha imali yasenyuvesi. Une-Diploma in Nursing Administration yaseLimpopo College of Nursing neziqu i-BTech in Occupational Health Nursing Science zaseTshwane University of Technology. UTendani unezinye izitifiketi njengesokukhipha imithi, esokuhlola amaphaphu, esezindlebe nesamehlo kanjalo negunya lokuhlola nokweluleka ngesandulelangculazi.