U-Precious usuke kwezobunjiniyela waya kwezezimayini
Umphathi we-shift, uPrecious Nkosi
Isiphiwo sikaPrecious Nkosi sasheshe sabonakala eKangra ngesikhathi esifishane. Nakuba afika ngoJuly, kodwa washeshe wakhushulwa ekusebenzeni ukuba i-miner wabangumphathi we-shift, isikhundla ayeke wasibamba enkampani ayesebenza kuyona kudala. “Uma umuntu ebona isiphiwo kuwena, yinto ekukhuthaza kakhulu,” kuphawula yena. Umsebenzi kaPrecious, onethimba labasebenzi abangu-11, wokubangumphathi we-shift ufaka ukwakha nokunakekela imigwaqo, ukulungisa izintuba zokuphefumula, ukwakha izindonga nezindawo ezihamba amanzi, okufaka ukumpompa amanzi ngaphansi komhlaba aye ezindaweni ezihlukene.
Ngemva kokuqeda umatikuletsheni ngo-2000, wenza i-Diploma in IT, egxile ebuchwephesheni bobunjiniyela. Ngo-2008 esazibhekela amathuba omsebenzi, wazithela esikhangisweni esingomsebenzi ojwayelekile emayini. “Ngangena kanjalo ezimayini. Ngaqala ngihlanza ibhande emayini, ngase ngithola isitifiketi sokuqhumisa,” kukhumbula yena. Ngo 2011, wathola elinye ithuba wayoqeqeshelwa umsebenzi wasezimayini eWitbank, wase eyofunda eColliery Training College.
Ngonyaka olandelayo wabangumsebenzi wasezimayini ogcwele, wakhuphuka, wagcina esengumphathi wezikhathi zokungena kanti manje ungumphathi we-shift zokungena zangaphandle. “Umsebenzi wami we- IT umile. Manje ngiyintokazi yezimayini,” kusho yena. U-Precious uyilungu elikhuthele lekomiti laseKangra i-Women in Mining committee, isigcawu asisebenzisa ukukhuthaza nokuhlomisa abantu besifazane. Inhloso yakhe wukubayimenenja yezokuphepha. “Ngiyazithanda ezokuphepha, ngihlela ukuqala ngenze izifundo eziningi zezokuphepha,” kuphetha uPrecious.