Ngaphezu kokulindelekile

Imfolomane yangaphezulu, uSampie Dreyer

“Konke okukhanyiswa yilanga… yiwona msebenzi wami,” kusho iMfolomane yaNgaphezulu uSampie Dreyer ngokun- cokola echaza umsebenzi wakhe emayini. U-Sampie uqon- dene nomsebenzi wokubheka ugesi namapayipi amanzi angaphezu komhlaba. Kulo msebenzi kubalwa Uthingo ne-Udumo Shaft, kanjalo neMpumalanga neNtshonalanga yemayini. Wumsebenzi omkhulu kodwa uSampie uthi un- ethimba elikhethekile ukwenza lo msebenzi. “Nginethimba elivuthayo,” kusho yena.

Ethimbeni kukhona izingcweti zikagesi ezimbili, omakhe- nikha bemishini ababili nengcweti yamapayipi amanzi. Baqinisekisa ukuthi ugesi uhlale ukhanya, amapayipi amanzi asebenza kahle nokuhamba kahle kwamalahle ngaphansi emgodini eya lapho esetshenziswa khona. Kulo msebenzi kubalwa ukulungisa imishini nokudidiyela amathimba. Ok- wamanje bamatasa nokwakha indawo yokuzilolonga kanye nomsebenzi wamanzi womphakathi.

U-Sampie wafika eKangra ngo-2008 ngemva kokuphothula iBanga 12 eSecunda. “Ngabanenhlanhla ngathola isikhala sokubayithwasa elifaka nelilungisa imishini eKangra. Nge- sikhathi ngikhona, umnyango wobunjiniyela wawungamdin- gi umuntu ofaka nolungisa imishini, ngakho kwafenele ngin- qume ukuthi ngenzenjani,” kusho yena.

U-Sampie wathatha isinqumo sokuqeqeshelwa ukwen- za ubunjiniyela bukagesi, abuqeda ngo-2010. Ngemva kwalokho wenza ugesi endaweni yangaphezulu, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi wakhushulwa wabayimfolo- mane yangaphezulu. “Manje ngiqeqeshelwa ukuba yimfolo- mane enkulu,” kusho yena. Ngemva kokuphothula uhlelo lokubawuNsumpa woBunjiniyela, uSampie ufisa ukwenza iziqu zobunjiniyela.