I-Kangra ibamba izindlela zobuchwepheshe

Imenenja yezokuthenga izimpahla u-Ajith Singh kanye nemenja yezimali, uGawie Wolfaardt

Indawo yokusebenza ngamaphepha okukhathazayo sekuthathwe yindlela esheshayo yobuchwepheshe i-Enterprise Resource Planning (ERP) eKangra. Imayini yethule i-Microsoft Dynamics 365, indlela yobuchwepheshe yokusebenza eyenza ukuthi kwenzeke imisebenzi eminingi ehlukene ngendlela eyodwa endaweni edidiyelwe. Kumanje iKangra isebenzisa le Ndlela ukuthenga izimpahla noma ukunika izinkampani zangaphandle umsebenzi, ukuphatha izimpahla zenkamapani nezezimali. Le ndlela izosatshalaliswa maduze ukufaka ukunakekela izimpahla nokuhlela.

IMenenja yeziMali uGawie Wolfaardt uthi lena yindlela esebenza kangcono kakhulu kunangendlela obekwenziwa ngayo kudala yemiqingo yamaphepha nokufaka imininingwane kuma-Excel spreadsheet. “Isiphucule izindlela zokusebenza kakhulu kunangendlela endala. Akusikho ukwehla wenyuka namaphepha. I-MS Dynamics ukuthi umuntu abone izimali ezingenile neziphumayo ngendlela yobuchwepheshe kanti sesikwazi nokwenza imibiko yethu yendlela yokusebenza,” kusho uGawie.

Njengoba sekukhona i-ERP, ithimba selikwazi ukuthola imininingwane emisha sha, yenza ukulandela izindlela zokusebenza namaphepha anjengawezimali ezidinga ukukhokhwa kubelula. Uma kukhona into edinga ukusayinwa noma ukuvunywa kuyenzeka ngobuchwepheshe, okuqeda isidingo sokuthumela ama-email nokuthumela amakhophi ayiphepha kubalingani.

Emnyangweni wokuthenga izimpahla nokukhipha umsebenzi bekusinda. “Nge-Dynamics, yonke into yenziwa ngobuchwepheshe. Akukho ukuthwebula amaphepha ukuze uwathumele. Yonke into indawonye, ngakho lokhu kwengeza ekusebenzeni kangcono,” kusho iMenenja yezokuThenga iziMpahla u-Ajith Singh. Amathimba eminyango ehlukene aqeqeshiwe ukusebenzisa le ndlela yokusebenza kanti kuhlale kunokwesekwa ukuze wonke umuntu akwazi ukuyisebenzisa ngendlela efanele.

ibhukuMenar