Ukusekwa emsebenzini kunika uManesi ithemba

I-payroll administrator , uManesi Sibeko

Ngenxa yesifo esinzima esamenza wakhu- bazeka izinyanga eziningi, uManesi Sibeko wayecabanga ukuthi ngeke aphinde akwazi ukufeza isifiso sakhe somsebenzi. UManesi, ongumphathi wezeMiholo eKangra, ukhol- wa wukuthi ukwesekwa akuthola kubalingani bakhe kwabaneqhaza elikhulu ekululameni kwakhe. Namuhla uManesi, osevuke qingqo, ukubheke ngabomvu ukuthola amaphepha akhe ezifundo zentela nezezimali. “Ngizimisele ukukhula enkampanini, ngenze neminye imisebenzi. Ayingidelanga ngenkathi ngibona ukuthi ngeke ngiphinde ngikwazi ukusebenza,” kusho yena.

Usizi lwakhe lwaqala ngo-2024 ngenkathi kutholakala ukuthi unesifo samathambo, isifo esihlasela kakhulu amalunga, kuqaqambe, umuntu avuvuke futhi abophane. Kwenza kwabanzima ukuhamba nokusebenzisa izandla. “Kwenzeka ngokushesha okukhulu,” kukhumbula uManesi. Ngemva kokudla imithi nokwelashwa ngokuzivocavoca, waqala walulama kancane ngenkathi ehamba ngenqola. UManesi wayevame ukuyoxilongwa wudokotela wemayini. Wabanevuso lokuphindela emsebenzini ngenkathi isimo sakhe sibangcono.

“Imenenja yami yangeluleka ukuthi ukuza emsebenzini ngezinye izinsuku kuzongisiza ngi- lulame ngoba kwakuzongenza ngihlangane nabanye abantu, ukwehlisa ixhala” kusho yena. Kwenziwa uhlelo lokuthi indawo asebenzela kuyona ibenendlela yenqola nendlu yangas- ese emlungele. Namuhla, uManesi akasadingi kuhamba nganqola. “Ukubuyela emsebenzini kunginike ithemba. Ngifisa ukubonga izime- nenja zami oSchalk Beetge, uPaul Redeling- huys neMenenja yaKwandabazabantu uBuhle Nzuza ngokungethemba,” kusho yena.

UManesi, ozalelwe futhi wakhulela eDriefontein, wafika eKangra ngo-2006 engumsebenzi ojwayelekile. Ngemva kwalokho wabangumabhalane, wagcina ewumphathi weMiholo emnyangweni wakwaNdabazabantu. UManesi une-National Diploma in Payroll Administration, ayithola ngenxa yomfundaze weKangra.